Umthetho we-Customary Marriages Act waphasiswa njengomthetho ngomhlaka 15 Novemba 2000. Uma wawusumendweni wosiko ngaphansi komthetho wosiko ngaphambi kwalolu suku, kusho ukuthi umendo wakho wamukelwe ngaphansi kwalo mthetho omusha. Uma owesilisa esevele enamakhasikazi angaphezu koyedwa, yonke le mendo yamukelwe ngaphansi kwalo mthetho omusha. Lo Mthetho wamukela umendo wosiko ongenelwe ngemuva kwalolu suku, kanye nokubeka imitheshwane yolawulo yokuthi abantu abaganana ngaphansi komthetho wosiko, okumele bayilandela ukuze imendo yabo yamukelwe.
Qaphela ukuthi le mendo yokosiko ibihlala njalo yamukelekile ngaphansi komthetho wezamasiko.
Ngabe kumele ngiwubhalise nini umendo wami?
Uma wawushade ngaphansi komendo wezamasiko ngaphambi komhlaka-15 Novemba 2000, umendo wakho kumele ubhaliswe naboMnyango weZangaphakathi. Uma washada ngemuva kokuba kuphasiswe umthetho, kumele ubhalise umendo zingakapheli izinyanga ezintathu.
Imendo yoSiko kanye nokuHlanganyela impahla Yonke imendo yosiko engenelwe ngaphambi kokuba lo Mthetho uqale ukusebenza, kusho ukuthi ingenelwe ngaphansi kokuhlanganyela impahla . Lokhu kusho ukuthi umyeni nonkosikazi wakhe banesabelo esilinganayo empahleni, imali noma iprophathi, kanti lokhu kusho ukuthi bahlanganyele nezikweledu. Uma izinhlangothi zombili zithanda ukuthi umshado wabo ungabi ngohlanganyele impahla , kuzomele bangenele ikontilaki ngaphambi kokuganana eyaziwa ngelokuthi yi-ante nuptual contract. Uma befuna ukushintsha ngemuva kokuba sebeshadile, kumele benze isicelo eNkantolo ePhakeme.
Ngaphansi koMthetho womshado woSiko we-Customary Marriages Act, unkosikazi unelungelo nesikhundla esilinganayo nomyeni sokuthatha isinqumo ngokuthi kumele kwenzekeni ngempahla. Unkosikazi oganwe ngaphansi komthetho wosiko, unelungelo lokungenela isivumelwano ngaphandle kosizo lomyeni.
Ngabe kwenzekani lapho umyeni wami efuna ukuganwa ngomunye unkosikazi?
Umyeni kumele angenele isivumelwano/ ikontilaki ebhaliwe, ezobeka ukuthi ngabe kumele kwenzekeni ngempahla, kanti futhi umyeni kumele enze isicelo enkantolo sokwamukelwa kwekontilaki ebhaliwe. Inkantolo kumele iqinisekise ukuthi amalungelo empahla awo wonke amakhosikazi avikelwe.
Kwenzekani lapho sifuna ukungenela umshado wesilungu ngemuva kokuba siganene ngaphansi komendo wokosiko?
Uma umyeni wakho engenawo amanye amakhosikazi, ningashada ngaphansi komthetho wesilungu kanti futhi nangaphansi komthetho wosiko. Kodwa, wena noma yena, ngeke nakwazi ukungenela umendo wokosiko nabanye abantu lapho nisashadene ngaphansi komthetho wesilungu.
Umyeni noma unkosikazi angabhalisa umendo emahhovisi aseduzane ezoMnyango weZangaphakathi Kweluleka ukuthi nihambe nobabili ukuyobhalisa umendo ukuze ubhaliso lusheshise.
Kodwa uma omunye phakathi kwenu enqaba, ungayobhalisa uwedwa, kodwa ngokuletha ubufakazi obufanele.
izinombolo zikamazisi yakho, amagama, kanye nezinsuku zokuzalwa zakho nezomyeni wakho amagama abazali bomyeni kanye nakankosikazi, kanye negama ababusi ombusi wendabuko imininingwane yesivumelwano selobola, kanti futhi nabantu ababili ababengofakazi bomendo incwadi ebuya kumholi wendabuko noma isitatimende esifungelwe kwabomthetho.
kwesikhulu sobhaliso, noma umuntu obekwe ngokomthetho, ogunyaziswe nguMqondisi-Jikelele ukwenza leyo misebenzi ngokulandela imitheshwana yenqubo.
Isikhulu sobhaliso, noma umuntu ogunyazwe ukwenza lokho, uzothumela isicelo kwabehhovisi eliseduzane lesifunda noma ledistriki, laboMnyango, ukuze bafakele lolu lwazi kurejista yobhaliso lwabo bonke abantu.
Gcina isitifikedi endaweni ephephile, ngoba sibalulekile.
Isitifikedi esifingqikwe sikhishwa ngaso leso sikhathi.
Isitifikedi esiphelele, sithatha amaviki ayisithupha ukuya kwayisishagalombili.
Isikhulu sobhaliso sizokwazisa uma senqaba ukubhalisa umendo wosiko njengoba kubekiwe emthethweni, sichaze nezizathu zokwala kwaso.
ukufuna nokukhipha futhi irejista yomend o wokosiko noma amanye amadokhumende asekelayo maqondana nerejista: Ngu-R53.
imali engu-R11 ikhishwa ngabaganani kumuntu ogunyaziwe maqondana nesicelo sobhaliso lomendo wesinto, esinikezelwa lowo muntu ogunyaziwe.
Sicela ubuze kumuntu enixhumana naye kwaboMnyango weZangaphakathi, ukuthi anichazele izindleko ezikhona.
Qaphela: Amafomu awatholakali kulayini we-internethi. Sicela uxhumane nehhovisi eliseduze lonyango.
